Isukaphi indaba kaKhisimusi?

2014-12-23 15:45
Sibongiseni iNtshebe Shangase

Sibongiseni iNtshebe Shangase (Own)

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Durban - Ngihlale ngikhala njalo ngokuthi abantu abaningi bazifaka emikhubeni abangayiqondi ukuthi yasungulwa ubani kwakuthi ichaza ukuthini.

Kulesikhathi sonyaka abantu abaningi bathola ithuba lokuphumula emisibenzini eminingi abayenzayo bethi gozololo okwesikhashana kusongwe unyaka bese bephinde bekususa loko.

Njengengqapheli ezigcobile nginako ukunaka nezinto iningi labantu elizishaya indiva. Lento kaKhisimuzi angiyizwa kahle futhi angiyiwugubhi mina uKhisimuzi kepha ngithokozela iholidi nje nokuhlangana nabantu abaningi emndenini wami engingavamile ukubabona ngenxa yomsebenzi.

Sengihogele kaningi umkhondo ngomsuka kaKhisimuzi lo okuthiwa usuku okazalwa ngalo inkosi uJesu Kristo waseNazaretha olugujwa njalo zingamashumi amabili nanhlanu kuZibandlela.

Iningi lamabandla angamaKristu ayalugubha lolu suku lokuzalwa komsindisi wabo beze baqhoshe ngokuthi umhlaba wonke uyalubungaza lolu suku yize umphika uJesu. Kunabantu abaningi esengike ngahlala nabo bengixoxela ngoJesu abanye babo sebebuya khona ethuneni lakhe lapho angcwatshwa khona kwa-Israyeli.

Abantu bakwa-Israel bathi cha uJesu akazalwanga kuZibandlela ngalolu suku kepha abantu abaqoka lolu suku ukubungaza ikhefu lokusongwa konyaka kodwa akulona usuku lokuzalwa lukaJesu.

Uma kubhekwa ngokomlando oshicilelwe eBhayibhelini, kungenzeka ukuba uJesu wazalwa phakathi kukaNcwaba noMandulo.

Kuningi ke nokho esikudlayo namuhla esingakubuzi ukuthi kuvelephi, njengalezinkophe zokufakelwa nemisila yamahhashi exhunywa osisi emakhanda…angikho-ke lapho.

IBhayibheli likubeka kucace ukuthi iSabatha lingoMgqibelo kodwa iningi lamaKristu lilibungaza ngeSonto. Izinsuku zesonto ngesingisi zibizwa ngokuthi uMonday, Tuesday, Wednesday, Thursday, Friday, Saturday kanye neSunday.

Angikaze ngizwe noyedwa umuntu ezixaka ukuthi azi ukuthi ziqanjwe kanjani lezinsuku. Nansi inselelo aniyifakele izibuko ukuze nazi ukuthi izinsuku zesonto ngesingisi zisuselwephi futhi zisho ukuthini.

Ukuniluma indlebe nje, ziyakhuluma. Njengalo mkhuba wendoda enentshebe emhlophe namajazi abomvu agqize ngokumhlophe.

Nibe noKhisimuzi omuhle mina ngizobe ngiyitshukutsha kuze kuse ekhaya eNdwedwe kwaWosiyane esigodini saseMenyane!




Ungaxhumana noSibongiseni ku-sbmvula@gmail.com


Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – 
"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.