Izikhukhula zibulale 34 eMozambique

2015-01-15 17:31
Maputo - Izikhukhula sezibulale okungenani abantu abangu-34 eMozambique, ngokusho kwemibiko yezindaba nezikhulu njengoba abatakuli besaqhubeka nomsebenzi.

Kuthiwa abanye abantu baqhwakele phezu kwezindlu nasezihlahleni bebalekela izikhukhula.

Bangu-16 abantu abashone enkabeni yeZambezia kusukela kwaqala izimvula ezinamandla ezasusa izikhukhula ngempelasonto eyedlule, kusho uMaria Luciano weNational Institute of Disaster Management.

Lesi sibalo kungenzeka ukuthi sibe phezulu ngenxa yokuthi izikhulu azikwazi ukuqoqa ulwazi oluphelele ngoba azikwazi ukufinyelela kwezinye izindawo.

OLUNYE UDABA: Kushone 8 kuhlasela izikhukhula eMozambique

Babalelwa ku-200 000 abantu okukholakala ukuthi bathikamezekile esifundazweni.

INingizimu Afrika ithumele amasosha nezisebenzi zezempilo eZambezia ukuba bayofaka igxalaba ezinhlelweni zokutakula.

Esifundazweni saseNiassa, izikhukhula zibulale abantu abangu-18, kubika iRadio Mocambique.




 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.