Izinhlelo ngokufihlwa kukaR Mashesha

2015-08-12 11:36

Durban - Namanje kusenzima kwabanye ukukholwa ukuthi nebala asisekho isihlabani somculo weKwaito uSibusiso R Mashesha Khomo obenyilungu leqembu iBig NUZ.

UR Mashesha ushonele esibhedlela iSt Augustine ngoLwesihlanu ngemuva kokungaphumeleli kohlelo lokuhlizwa kwakhe.

Ukushona kwalo mculi obese kunesikhathi egula kumangaze abaningi ezinkundleni zokuxhumana abanye bezwakalisa nokushaqeka.

Ngokwezinhlelo zokufihlwa kwalo mculi kulindeleke ukuthi inkonzo yesikhumbuzo ibanjelwe ebandleni lodumo i-Ethekwini Community Church emgwaqweni u-Anton Lembede eThekwni ngehora lesithathu ntambama ngoLwesine.

OLUNYE UDABA:  Izigebengu zigqekeze indlu kaR Mashesha

Inkonzo yomngcwabo kaMashesha izoba ngoMgqibelo mhlaka 15 ku-Agasti ezinkundleni zemidlalo iKing Zwelithini eMlazi eningizimu yeTheku ngo-9 ekuseni.

UMashesha bese kunesikhathi engasabonakali ecula namanye amalungu aleli qembu Mampintsha noDanger njengoba ubebambekile.

Kuzokhumbuleka ukuthi kunabathile enkundleni zokuxhumana abake babhala ukuthi akasekho emhlabeni ekubeni esaphile nokuyinto eyagxekwa kakhulu.  

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.