Izinyembezi umama ebuyelana nosana lwakhe obeluthunjiwe

2015-08-25 14:31

Johannesburg - Owesifazane oneminyaka engu-24 ubudala uhluleke ukuzibamba wasikhihla esikaNandi ngesikhathi ebuyelana nosana lwakhe olunenyanga luzelwe elathunjwa emtholampilo Etwatwa ngaseBenoni.

Ngokubika kweBenoni City Times lolu sana uBandile lomfana lubuyiselwe ezandleni zikanina ngeledlule ngemuva kokuthunjwa ngowesifazane oneminyaka engu-19 ubudala owakhalelwa ngamasongo kaSigonyela.

Isigameko sokuthunjwa kwalolu sana senzeka emtholampilo iPhillip Moyo e-East Rand ngomhlaka 28 kuJulayi.

"Impilo ibinzima kakhulu, bekubuhlungu kangangokuba bengingasacabangi ukuthi ngiyoke ngiphinde ngimbo ephila umntwana wami,"kusho uMoyo echiphiza izinyembezi.

OLUNYE UDABA: Intululwane yezinhlamvu kobecashe ophahleni eKZN

Okhulumela amaphoyisa aseBenoni uLieutenant uNomsa Sekele uthe uMoyo wahambisa usana lwakhe emtholampilo ukuyohlolwa.

"Owesifazane owayezenza ivolontiya ngaphakathi emtholampilo wathatha lolu sana kunina maqede washaya wachitha.

Sithole ukuthi wahlalisa unina walolu sana kwelinye lamabhentshi wabe esethembisa ukuthi uzobuya ngokushesha.

Ube esenyamalala nalolu sana wangabe esabonwa nangalukhalo,"kuchaza uSekele.

Lona wesifazane ubhekene necala lokuthumba nokukhwabanisa kanti kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseBenoni maduze. 

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.