‘Izinyoka’ zinesandla ekunqamukeni kukagesi – Umbiko

2015-01-07 16:03
Durban - Abantu abaxhuma ugesi ngokungemthetho banesandla ekutheni ugesi ube ngaphansi kwengcindezi nokugcina ngokuthi unqamuke.

Lokhu kushiwo nguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uNomusa Dube-Ncube ngoLwesithathu.

UDube-Ncube ubekhuluma mayelana nesigameko sokushona kukaPrincess Ntuli, 37, waseNtshawini ngemuva kokushokhwa yintambo kagesi ebuxhunywe ngokungemthetho ngoMsombuluko.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe 'izinyoka' eziyishumi eNorth West

Umufi ubehamba ngezinyawo eyokha amanzi ngebhakede, kukholakala ukuthi intambo ebilenga icwile ebhakedeni kwaqhasha umlilo, kusho okhulumela abezimo eziphuthumayo uRobert McKenzie.

Kuthiwa izelamani, okumanje zigcwele amathafa, yizo ezaxhuma ugesi ngokungemthetho zadaza inkani uma zikhuzwa.

"Sikhalisana kakhulu nomndeni kaPrincess Ntuli, KwaDukuza, kanti sinethemba lokuthi abenzi bokubi bazojeza,” esho.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.