Izoqina imithetho ebhishi labanqunu - Isikhulu

2015-01-15 18:33
Durban - Abantu bazovunyelwa ukuba babhushuzele ebhishi, kodwa bangacabangi ukuthi kuzoba kwampunz’ edlemini njengoba kuzoba nemithetho eqinile.

Lokhu kushiwo yisikhulumi sikaMasipala waseHibiscus Coast, uSimon April ekhuluma ngeTrafalgar Beach, kubika iDaily Sun.

ITrafalgar izoba ngulwandle lokuqala ogwini oluseningizimu neKwaZulu-Natal oluzovumela abantu ukuba babhukude benqunu.

Leli bhishi laphasiswa ngo-Okthoba ngemuva kokuthi i-KZN Naturists Association ne-SA Naturists Association befake isicelo.

OLUNYE UDABA: Umasipala uphasise isicelo sebhishi labanqunu

“Abantu ngeke bavunyelwe ukuba bajamele abanye ababhukudi abanqunu,” kusho u-April.

“Imidanso enokufequza, ukugonana, ukushaya idombolo nokuthintana ngezitho zangasese akuvunyelwe kanjalo nokumonqolozana.”

Uthe ukuthathwa kwezithombe akuvunyelwe uma labo abakuzona bengavumanga.

Leli bhishi kulindeleke ukuba livulwe ngokusemthethweni ngePhasika.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
2 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.