Konakele emsamo kuToffo weMalini

2015-06-01 16:20
Mamgobhozi

Mamgobhozi (Own)

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Cape Town - Omunye umbhali wake wabhala wathi kudala uNkulunkulu enikela ngabantu kuSathane, Mhlampe wayeqinisile….(Kukaningi uNkulunkulu enikela ngabantu kuSathane)

Sengibone kaningana abantu abaningi izinto zibaphika kungakhathaleki ukuthi bazame kangakanani, bazikhandla futhi bazinikela kangakanani.

Empeleni ngifuna ukukhuluma ngoToffo Goge lo weMalini.

Bandla uToffo usezame konke kodwa namanje ngathi izinto zakhe azihlangani kahle. UToffo uyigagu, muhle futhi uyazimisela kodwa impumelelo yakhe iyacikizela.

Ngiqala ukumazi wayecula ngemuva elekelela uRebecca Malope, yena nabanye bahlubuka kuRibs baqala iMalini.

KwaMalini leyo icula kahle kodwa cha bandla abacacile kahle, abanalo idumela leli leMafikizolo neMalaika.

Zolo lokhu sibone "impukane ibuyela kwandawo" kuToffo, eseshada ubaba wengane yakhe abaqala ukujola naye ngo-19 donsamehlo……ukubuyela kwakhe kuLucky Shabangu (lo wamaTwins), kwavele kwangicacisela ukuthi usisi uzishimele.

OLUNYE UDABA: Weneka inhliziyo yakhe ngoFelix Hlophe

Ubuyela kanjani kumuntu ophelelwe ushatini njengoLucky? Ngaxakeka kakhulu-ke nokho sengizwa kuthiwa kusuke esinamathambo uToffo esethola ukuthi uLucky umbhanqe noSimphiwe Dana……kazi ngempela laba besifazane balandelani kule ndoda?

Kamuvake uLucky uboshiwe ngezinsolo zokweba imoto eKapa.

Cha ibhadi limqondile uToffo – le ndoda ayimniki neze ukuthula Thixo wase George Goch (kwasho uZuma).

Yini kanti ngempela ekumele ize yenziwe, uToffo kuze izinto zizomhambela kahle? Kwamculo wakhe awuchumi ngendlela nendoda-ke ekumele engabe iseduze kwakhe iyameseka kwayona imgila amagoda angaqaqeki…..

Sekuyisikhathi sokuthi uTofolux abheke umsamo wakhe. Ukudlala phela lokhu, konakele kudade!!!!

Kubhala uMamgobhozi,

Ungaxhumana noMamgo kuFacebook - Izindaba Mamgobhozi

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

  - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

  - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.