Johannesburg – Akhalelwe ngamasongo kaSigonyela iziboshwa ezingu-14 ezeqa ejele laseFort Beaufort ngokusho koMnyango wezoBulungiswa wase-Eastern Cape.
Ngokusho kukaKhomishana uNkosinathi Breakfast ngoKhisimusi kuleli jele amadoda angu-15 agqekeza uphahla lwasejele abe eseqa.
“Zazingu-22 iziboshwa ezazikhona kodwa kweqa 15 kwasala ezingu-7,” kusho uBreakfast.
Uqhube wathi ezine zalezi ziboshwa zaboshwa ngemuva kwamahora zeqile kwathi ezintathu zaboshwa ngoMgqibelo.
OLUNYE UDABA: Kweqe iziboshwa ezibalelwa ku-200 ejele
“Ezinye zalezi ziboshwa zalethwa ngabazali bazo nokuyinto esiyikhuthazayo kubazali bangagqumi izingane zabo uma zonile,” esho.
UBreakfast uthe umnyango namaphoyisa bebesebenza ngokulunywa indlebe ngumphakathi ukuze bakwazi ukuthi bagcine bezibophile ezingu-14.
“Sekusele umsolwa oyedwa uSive Mtunyelwa wase-Alice sinesiqiniseko ukuthi naye kungapheli isikhathi esingakanani szomthola simphindisele ngaphakathi njengoba kulindeleke ukuthi avele enkantolo ngomhlaka 5 kuJanuwari ngamacala okubamba inkunzi nokudlwengula,” kubeka uBreakfast enanela ngiokunxusa uMtunyelwa ukuthi kuyomsiza ukuthi azilethe yena emaphoyiseni ngoba inkululeko yakhe ngaphandle ngeke ithathe isikhathi eside.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter