Johannesburg
- Amadoda amabili asolwa ngokubamba inkunzi abantu abadabuka ePakistan,
akhalelwe ngamasongo kasigonyela, kusho umbiko wamaphoyisa.
Izisulu
ezinhlanu zabanjwa inkunzi ngenyanga kaJulayi nyakenye, ngesikhathi zilandelwa
abaphangi zibuya esikhumulweni sezindiza, kusho okhulumela amaphoyisa uSolomon
Makgale.
Isehlakalo
senzeka e-Oakdene, eGoli.
Funda nalolu daba: Kuboshwe amaphoyisa aqole abokufika
"Abaphangi babezenza amaphoyisa, bamisa laba endleleni base
bebaqola isamba semali engaziwa."
Amaphoyisa
akholwa wukuthi omunye wababoshiwe ungungqondongqondo kulobu bugebengu.
Abasolwa
bazovela ngaphambi kweNkantolo kaMantshi waseGermiston, ngoLwesithathu.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).