Kuboshwe abane abebebhikisha kwaWoolworths

2014-12-22 07:45

Cape Town – Kuboshwe abantu abane ngombhikisho walabo abaphiksisana nesenzo sesitolo uWoolworths sokuhwebelana nezinkampani zase-Israel eClaremont eCape Town ngokusho kwamaphoyisa.

ULieutenant Andre Traut uthe kuboshwe abesilisa abathathu nowesifazane oyedwa ngoMgqibelo ngamacala okwesabisa, ukubhikisha ngaphandle kwemvume nokuphikisana nomyalelo wenkantolo.

INational Coalition 4 Palestine ithe kuboshwe amalungu amane e-Action Forum 4 Palestine ngesikhathi kunombhikisho onokuthula ngaphakathi esitolo sakwaWoolworths enxanxatheleni yezitolo eCavendish.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa angenele umbhikisho

Kubikwa ukuthi kube nomlindelo wasuku lonke ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa lapho la malungu aboshelwe khona eClaremont ukukhombisa ukuzwelana nawo.

IBoycott Divestment and Sanction South Africa inxuse umphakathi ukuthi uqhubeke nokuweseka ngokungathengi ezitolo zakwaWoolworths njengoba lesi sitolo sisaqhubeka nokuhwebelana nezinkampani zase-Israel.

IBDS SA ithe lokhu ikwenza ngenxa yokuthi izwe lase-Israel liaseqhubeka nokuhlasela abantu basePalestine.

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.