Kuboshwe amadoda amathathu ngobutabane

2014-12-23 11:10

Banjul – Kuboshwe amadoda amathathu ngokuba yizitabane eGambia nokuyicala elingoholela ekutheni umuntu aboshwe impilo yakhe yonke ebhadla ejele ngokomthetho waleli lizwe.

Ngokwemibiko la madoda aboshwe ngemuva kokuphenywa ngonogada lapho bezivumele ngokwabo ukuthi baphila impilo yobutabane.

Kubikwa ukuthi la madoda avele ohlelweni lukamabonakude oluhamba luthungatha labo abaphila impilo engajwayelekile.

“Sihamba sizula ezindaweni zomphakathi siphenya futhi sithungatha labo abaphila impilo eyehlukile.

La madoda sikhulumile nawo azivumela ukuthi nebala ayizitabane,” kusho izikhulu zalo mabonakude ngemuva kokuveza uhlelo olunala madoda abefihlwe ubuso.

OLUNYE UDABA: OwaseGambia uthi ngeke uguquke ngothinta izitabane

UMengameli waseGambia uYahya Jammeh ubhekene nengwadla emazweni omhlaba ngomthetho wezwe lakhe wokujezisa labo abaphila impilo yobutabane.

Inhlangano yamazwe ase-Europe i-European Union ekuqaleni kwale nyanga imemezele ukuthi izohoxisa uxhaso lwezigidi lokusiza iGambia njengoba ibalwa nelinye lamazwe antulayo emhlabeni.

Iziphathimandla zaseGambia sezinxuse umphakathi ikakhulukazi abazali ukuthi baqinisekise ukuthi iyaphela indaba yobutabane kuleli lizwe.

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.