Johannesburg - Kuboshwe indoda eneminyaka engu-55 ubudala ebandakanyekayo esigamekweni sokwebiwa kwemoto endaweni yaseKhombe ngoLwesine, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.
UColonel Jay Naicker uthe amaphoyisa angene komunye umuzi osendaweni ngesikhathi eqhuba umsebenzi wawo.
"Ngemuva kokuba itholakale le moto ihloliwe kwatholakala ukuthi kwabikwa esiteshini samaphoyisa aseGoli ngoDisemba ukuthi yebiwa."
Imoto eyohlobo lweToyota Corolla.
Kanti kwesinye isigameko uNaicker uthe kuboshwe amadoda amabili eneminyaka engu-55 neno-67 ubudala ngokutholakala nesibhambu nezinhlamvu ezingekho emthethweni.
OLUNYE UDABA: Zibakhalele abasolwa ngokuduna imoto
Kutholwe isibhamu sohlobo lwe-9mm nezinhlamvu zesibhamu ezingu-127 isibalo ezindlini zawo.
Laba bobathathu balindeleke ukuba avele eNkantolo yeMansthi yaseKhombe namuhla (ngoLwesine).
UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLt-Gen Mmamonnye Ngobeni unxuse umphakathi ukuba uqhubeke nokubasiza ngemininingwane nezibhamu ezingekho emthethweni esifundazweni.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter