Kuboshwe amadoda angu-25 okuhlanganisa nephoyisa ngamacala
ahlukene e-Eastern Caoe ngokusho kwamaphoyisa esifundazwe.
ULt-Col Mzukusi
Fatyela uthe iphoyisa lezinga likaConstable liboshwe eLusikisiki ngoLwesithathu
ngemuva kokuba klibanjwe lishayela imoto yohlobo lweJeep eyebiwe.
Uthe leli phoyisa kulindeleke ukuthi
livele enkantolo yeMantshi yaseLusikisiki ngoLwesihlanu.
UFatyela uthe amanye
amadoda ayishumi aboshelwe ukutholakala nezibhamu ngaphandle kwezimvume eMajola
ngasePort St John ezintatha zangoLwesine.
OLUNYE UDABA:Kuboshwe iphoyisa ngezinsolo zokubamba inkunzi
Uqhube wathi la madoda atholwe nezibhamu ezingu-12 nezinhlamvu.
“Lezi
zibhamu zizohanjiswa ziyohlolwa ukuze kubhekwe ukuthi azithinteki yini
kwizigameko zobugebengu,” esho.
Uthe la madoda azovela ngoLwesihlanu eNkantolo
yeMantshi yasePort St Johns.
Uphinde waveza ukuthi omunye wesilisa utholwe
nesibhamu esingekho emthethweni sohlobo lwe-9mm kanti abanye abanye baboshelwe
amacala ahlukene okubalwa nokutholakala nensangu.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter