Kuboshwe owesifazane nezidakamizwa zika-R1.4m

2015-07-21 15:56

Cape Town – Owesifazane ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngemuva kokubanjwa nezidakamizwa ezinesisindo esingu-5kg ezingabiza u-R1.4 million esikhumulweni sezindiza eKapa.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain FC Van Wyk uthe lona wesifazane oneminyaka engu-28 ubudala ubanjwe ngoLwesibili ekuseni ngemuva kokuphuma ebhanoyini ebelisuka esikhumulweni sezindiza e-OR Tambo. 

“Uphiko lwamaphoyisa olulwa nokungena kwezidakamizwa kuleli liqhube uhlelo lokupequlula izikhwama zabagibeli.

OLUNYE UDABA:Umfundi ecaleni lokubulala eKZN

Ngesikhathi lolu phiko lupequlula izikhwama luhlangabezane nepotimende lalona wesifazane waseGoli lathola ukuthi ukuthi kunamaphasela asongwe ngezingubo zokulala izingane.

Kuthe uma bewavula la maphasela bathola ukuthi izidakamizwa zohlobo lweTik,” echaza.

Uqhube wathi ngemuva kokufaka lezi zidakamizwa esikalini bathole ukuthi zinesisindo sika-5kg kanti zingabiza isamba sika-R1.4million.

Lona wesifazane kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseBelville ngoLwesithathu lapho ezothweswa khona icala lokutholakala nezidakamizwa.   

        - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
1 comment
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.