Kuboshwe umsolwa ngokudubula kwaseGoli

2014-12-29 07:08

Johannesburg - Zimkhalele umsolwa oyedwa kwabane abadubule bebhekise emaphoyiseni ngemuva kokuba ezame ukumisa imoto abebehamba ngayo eGoli ngokusho kwamaphoyisa akwaMetro.

UChief Superintendent Wayne Minnaar uthe isigameko sokudubula senezeke ngemuva kokuba amaphoyisa akwaMetro ebone imoto yohlobo lweMercedes Benz emnyama ihamba budede emgwaqweni u-M2 eBenrose ngeSonto ntambama. 

Uqhube wathi amaphoyisa ayilandelile le moto ebihamba ngesivinini.

"Le moto ibihamba ishintsha imizila ibheke ngasehostela iGeorge Goch," echaza enanela ngokuthi ngesikhathi eyilandela ifike yama ngasesontweni kwabe sekuphuma amadoda amane aqala adubula ebhekise emaphoyiseni.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe osolwa ngokubulala ibhungu e-Eastern Cape

"Amaphoyisa awakwazanga ukudubula aphindisele ngenxa yokuthi bekunenqwaba yabantu abebephuma esontweni bekuzobeka impilo yabo engcupheni kodwa akwazile ukubopha umsolwa oyedwa kwathi abanye babaleka," kunanela uMinnaar.

UMinnaar uphinde waveza ukuthi ngesikhathi beyibheka le moto bathole ukuthi yebiwe kanti iyathinteka ekudubulaneni okwenzeke maphakathi neGoli ngoKhisimusi. 

"Le moto izogcinwa ngamaphoyisa njengoba kuqhubeka uphenyo ngaphambi kokuthi ibuyiselwe kumnikazi wayo," kusho uMinnaar.

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter





NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.