Kubulawe ababili KwaDukuza

2015-01-14 18:31
Durban - Kubulawe amadoda amabili kwathi amanye amabili alimala ngesikhathi izinkabi zivulela ngenhlamvu zibhekise konogada abebephelezela usomatekisi eStanger Manor, KwaDukuza, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.

Ngokusho kukaNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uSibongiseni Dhlomo, oshayasibhamu abebehlomile bangene ngendlov’iyangena ewodini eStanger Provincial Hospital, lapho izisulu ezimbili ebezilashwa khona.

Nokho oshayasibhamu kuthiwa bahambe bengazange badubule.

OLUNYE UDABA: Iphoyisa ezinsolweni zokubulala usomatekisi

Okhulumela amaphoyisa uColonel Jay Naicker akazange akuqinisekise lokhu.

Uthe inhlabaluhide yonogada ihlaselwe yizinkabi eziphakathi kuka-10 no-15.

Umbiko weDaily News uthi kulesi sigameko kushone osomatekisi nenkabi eyodwa.

Eminye imibiko ithi kushone unogada oyedwa.

Indawo yaKwaDukuza ihlaselwe wudlame oluhlobene nombango wamatekisi njengoba ososeshini bebanga imizila.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.