Kubulawe ababili abatholwe namacala

2015-01-09 07:11

Riyadh – Izwe laseSaudi Arabia ngoLwesine linqume ikhanda umlisa wasePakistani otholwe necala lokushushumbisa izidakamizwa kanye nowakuleliya lizwe ngecala lokubulala, kusho uMnyango wezangaphakathi.

Ukubulawa kwabo kusibeke kwabayisithupha isibalo salabo asebebulewe ngesigwebo sentambo kusukela kuqale uJanuwari kulelizwe.

U-Awida Utaibi ubulawe ngemuva kokuba inkantolo imthole enecala lokubulala isihlobo sakhe, kusho uMnyango esitatimendeni esishicilelwe yiSaudi Press Agency.

Funda nalolu daba: Uhulumeni ugxeke eyokuhlasela eFrance.

UMohammad Shahbal wasePakistan ubulawe ngemuva kokutholakala necala lokushushumbisa izidakamizwa zohlobo lwe-heroin kuleliya lizwe.

Izidakamizwa zatholakala esiswini sakhe, ezigwinyile.

Ezweni laseSaudi Arabia uthola isigwebo sentambo uma utholwe necala lokudlwengula, ukubulala, ukuphanga uhlomile kanye nokushushumbisa izidakamizwa.

Ngonyaka odlule, izwe laseSaudi Arabia labulala abantu abangu-87, kanti ngo-2013 labulala abangu-78, ngokusho kwe-AFP. 




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.