Kubulawe ilungu le-IFP eNanda

2015-08-11 06:52

Durban – Kubulawe ilungu leNkatha Freedom Party, uZwelithini "Fuhluza" Khumalo, ngesikhathi lidutshulwa emzini walo eNanda, enyakatho neTheku ngoMsombuluko ntambama.

Lokhu kwenzeka nje ayikapheli nenyanga kwabulawa uSihlalo we-IFP kuWard39 KwaMashu, uMbhasobheni Biyela, kusho okhulumela iqembu uBlessed Gwala esitatimendeni.

"Kuyashaqisa ukuthi ukukho okwenziwayo ukunqanda ukubulawa kwabaholi bethu kuleya ndawo. Sihlezi ziqinisekiswa ukuthi amaphoyisa enza konke okusemandleni ukuqeda lesi sihlava,” esho.

Uthe i-IFP iyazi ukuthi lezi zigameko akuzona ezobugebengu obejwayelekile.

OLUNYE UDABA: Kubulawe owe-IFP eJozini

UGwala uthe iNanda ibhekene nezigameko zodlame, kanti uKhumalo ubengusihlalo wenhlangano eqaphe umphakathi.

"Kuyadumaza ukuthi uKhumalo abulawe yinto abelwa nayo,” kusho uGwala.

Uqhube ngokuthi sebekhathele ukuthi uma kushone amalungu abo kuthuleke, kodwa uma kungawe-ANC ababulali bayatholwa ngoba kukhishwa omehlokaboni.

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal awatholakalanga ukuba aphawule.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.