Kubulawe inqwaba yamasosha e-Al Shabaab

2015-01-07 11:00
Galgala - Abezokuphepha babulale inqwaba yamalungu eqembu lamaphekula e-Al Shabaab ezweni laseSomalia, kusho iziphathimandla zendawo ngoLwesibili.

Abezokuphepha bahlasele izindawo ezaziwa njengezihlala amalungu e-Al Shabaab endaweni yaseGalgala, kusho umholi wophiko lwabezokuphepha iPuntland, u-Abdiwali Mohamed Ali.

"Abezokuphepha endaweni yaseGalgala baqalise uhlelo lokuqeda nge-Al Shabaa ezindaweni ezakhelene naleli dolobha,” kusho uAli.

Funda nalolu daba: Kubulawe oyedwa kubhikishelwa ugesi eMadagascar.

Kubulawe amalungu angu-44 aleli qembu elidlelana ne-Al Qaeda, kwalimala angu-46 kwaphinde kwaboshwa inqwaba, ngokusho kuka-Ali.

Phakathi kwababoshiwe kubalwa kubona nokhomanda we-Al Shabaab uMukhtar Abdinur Ahmed, odume ngelika-Ahmed Gurey, kanye no-Ahmed Abdi Mohamed.

Kuphinde kwabulawa amasosha amahlanu kulokhu kuhlasela kwalimala amane, kusho uAli.

I-Al-Shabaab ibingakaphawuli ngalokhu.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.