Kucishe kwaphambana izinkomishi ngesidumbu sikaR Mashesha

2015-08-13 07:14

Durban – Umndeni wesihlabani somculo weKwaito uSibusiso “R Mashesha” Khomo obeyilungu leBig NUZ uhlangabezane nesimanga ngesikhathi uyobheka isidumbu salo mculi emakhazeni. 

Ngokubika kweDaily Sun udadewabo kalo mculi uZonke Khomo-Mbhele uchaze ngokushaqeka abakutholile ngesikhathi beyohlonza isidumbu somfowabo emakhazeni kahulumeni kuGale Street ngoLwesihlanu ngosuku ashona ngalo. 

“Ngesikhathi sifika sithole ukuthi isidumbu sakhe asikho.

Isibhedlela saphambanisa amagama ahambisa esinye isidumbu kodwa sinegama likamfowethu,” echaza.

Uqhube wathi bachitha amahora bethungatha isidumbu salo mculi.

OLUNYE UDABA: 'Akudingi wena ukuthi ubulawe yini u-R Mashesha'

“Sibe sesithinta isibhedlela (St Augustine’s) ukuze sithole kwenzakaleni kwisidumbu somfowethu.

Simangele beqinisekisa ukuthi bathumele isidumbu okungesona  emakhazeni.

Isidumbu somfowethu sasisaqhunqile esibhedlela,” enanela.

Isikhulu salesi sibhedlela uDkt Augusta Dorning utshele leli phephandaba ukuthi izimanenja zesibhedlela zixhumanule nomndeni zawutusa zaphinde zadlulisa namazwi enduduzo ngalesi sikhathi.

Namhlanje ngoLwesine kulindeleke ukuthi kubanjwe inkonzo yesikhumbuzo kaR Mashesha ebandleni lodumo i-Ethekwini Community Church kusukela ngehora lesithathu ntambama.

Umngcwabo kaMashesha uzobanjelwa eKing Zwelithini Stadium eMlazi ngoMgqibelo kusukela ngehora lesishiyagalolunye ekuseni. 

    - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
2 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.