Kudutshulwe kwabulawa unkosikazi wesikhulu se-Arrows

2015-01-09 14:33

Durban – Kudutshulwe kwabulawa unkosikazi wesikhulu seLamontville Golden Arrows uJames Dlamini nomkhwekazi wakhe.

Ngokubika kweDaily Sun uZoliswa Dlamini oneminyaka engu-35 ubudala nonina wakhe uNomathamsanqa Mzimba badutshulwe babulawa eKhwezi eHarding ngoMgqibelo ebusuku.

Kubikwa ukuthi owesilisa ukhahlele umnyango wabe esedubula ebhekise kubona.

Umthombo ongafunanga ukudalulwa igama lawo uthe abafi kungenzeka ukuthi bebemazi umbulali.

OLUNYE UDABA: Kubulawe iphoyisa likamasipala eGoli

“Umbulali ubazi ukuthi bebekuliphi igumbi kanti inhloso yakhe bekuwukubulala,” kusho umthombo.

Ngokomthombo, uZoliswa udutshulwe amahlandla angu-9 njengoba adutshulwa kane engalweni nakahlanu esiswini.

Uthe uNomathamsanqa yena udutshulwe ekhanda njengoba eshonele esibhedlela iSt Andrew, eHarding.

UJames uthe ubengekho ngesikhathi sesigameko. Kuvele ukuthi uJames nomkakhe uZoliswa banendodakazi enezinyanga ezintathu.

Okhulumela amaphoyisa uMajor Thulani Zwane uthe: “Amaphoyisa aseHarding aphenya amacala okubulawa kwabesifazane ababili,” esho enanela ngokuthi inhloso yokubulawa kwalaba besifanazane ibingakaziwa.


      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.