Kufezeke isisfiso sikaMashaba emcimbini weCAF

2015-01-09 09:33

Johannesburg - Kufezeke isifiso somqeqeshi weBafana Bafana, uShakes Mashaba, ngesikhathi uYaya Toure enqoba indondo yeCAF African Player of the Year, njengoba avotela lo mdlali.

Lo mdlali weManchester City uqophe umlando izolo ebusuku ngesikhathi emenyezelwa njengomdlali wonyaka ovelele e-Afrika ihlandla lesine kulandelana, nokumenze walingana noSamuel Eto’o.

Ngemuva komcimbi wokuklonyeliswa, iCAF ikhiphe imininingwane eveza ukuthi abaqeqeshi bavote kanjani, kwavela ukuthi abangu-27 kwabangu-39 bavotele lo mdlali owayegijima kwiBarcelona.

Funda nalolu daba: Owaduma kwiChiefs 'uchithwe' elasehlathini.

UMashaba, okumanje useGabon neqembu lesizwe, uvotele uVincent Enyeama endaweni yesibili wavotela u-Asamoah Gyan endaweni yezithathu, kubika iSoccerLaduma.

Khonamanjalo, kubadlali base-Afrika abadlala kulelizwekazi, uMashaba uvotele u-Akram Djahnit endaweni yokuqala, ophume endaweni yesibili, kwathi endaweni yesibili wavotela uFirmin Mubele Ndombe, okunguyena othathe indodndo.

Ngeshwa uSenzo Meyiwa ongasekho emhlabeni, uphume endaweni yokugcina.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 




NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.