Kufunwa inyanga ewake, yadlwengula owesifazane e-PMB

2015-08-07 13:31

Pietermaritzburg – Amaphoyisa afuna umelaphi wendabuko waseMgungundlovu osolwa ngokuqola owesifazane izinkulungwane zamarandi ngaphambi kokumdlwengula.

Imithombo engaphakathi emaphoyiseni aseMountain Rise ithi kwafika lo wesifazane, 26, ngoLwesithathu “ephatheke kabi ngale ndlela yokuthi izandla zakhe zaziqhaqhazela engakwazi nokukhuluma” ngesikhathi ezovula icala lokudlwengulwa emaphoyiseni.

Lo wesifazane uthi wadlwengulwa yile nyanga e-Allandale ngemuva kokuya kuyo eyocela usizo.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe inyanga eyashada 'neyamdlwengula'

Amaphoyisa athi isisulu saqale sahlangana nomsizi wenyanga ngoLwesibili sakhokha u-R30 000 “ukuze sizoceba”.

Umsizi wenyanga watshela isisulu ukuba siye lapho kusebenzela khona inyanga e-Allandale ngoLwesithathu ukuze “siyogezwa”.

Lo wesifazane wathi uma efika, inyanga yamfaka umuthi esithweni sangasese.

Ngokusho kwalo wesifazane, le nyanga yabe isilala naye ngenkani ukuze kuzoqhutshekwa nomsebenzi, kepha wanqaba.

Kuthiwa inyanga yabe isiyamdlwengula, yase iyamsoaha, wase eyovula icala emaphoyiseni.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
2 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.