Johannesburg – Kugcine kumenele owesilisa owakhandwa wumphakathi
ngamatshe eDobsonville ngokusho kwamaphoyisa aseGauteng.
Okhulumela amaphoyisa uKay Makhubela uthe lo
mlisa ushonele esibhedlela ngeSonto ngemuva kokuchitha izinsuku elalisiwe.
“Ubesesimeni esibucayi esibhedlela kanti
ngenxa yokulimala kwakhe amaphoyisa abengakakwazi ukumpheka ngemibuzo mayelana
nokumehlela nesizathu esaholela ekutheni athole induku,” esho.
OLUNYE UDABA: Amaphoyisa athungatha umndeni womlisa obulewe
Kubikwa ukuthi
ukuthi babebabili ngesikhathi bethola isibhaxu njengoba oyedwa wabo washonela
endaweni yesigameko e-Extension Two eDobsonville ngoLwesihlanu.
“Asitholanga muntu
emgwaqweni ngemuva kokuthola laba balisa bedindilizile kodwa sahlangatshezwa
yizinguzunga zamatshe nezinsimbi eduze kwabo,” kuchaza uMakhubela enanela
ngokuthi uma kukhona onolwazi makabikele amaphoyisa.
Uqhube wathi la balisa
ibingakatholakali imindeni yabo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter