Kugwazwe abathathu esitolo sakwaPick n Pay

2015-01-13 14:32

Cape Town – Owesilisa ugwaze abantu abathathu okuhlanganisa nekhasimende ngesikele esitolo sakwaPick n Pay eBoston eBellville, eKapa.

Ngokubika kweCape Times lo mlisa oneminyaka engu-45 ubudala akasukelwanga umuntu njengoba emane wabhozomela abantu ngesikele. 

Lo mlisa ugcine ngokuboshwa ngonogada ngemuva kokuba ehlasele ikhasimende, nezisebenzi ezimbili zangaphakathi kwa-P n P.  

Okhulumela isitolo sakwa-P n P uTamra Veley uthe ngoMsombuluko sibakhathaze kakhulu lesi sigameko kanti basaxhumana nemindeni yabagwaziwe.

OLUNYE UDABA: Umalume ugwaze washisa umshana eFree State

“Lo mlisa ungene wagwaza abantu kungazelele muntu ngesikele abesithenge ngaphakathi esitolo.

"Bobathathu abagwaziwe baphuthunyiswe esibhedlela ukuze bathole ukwelashwa njengoba belimale kanzima,” kusho uVeley enanela ngokuthi kuphoqeleke ukuba isitolo sivalwe ukuze amaphoyisa aqhubeke nophenyo.

Okhulumela amaphoyisa u-FC van Wyk usiqinisekisile lesi sigameko wananela ngokuthi amaphoyisa aqale uphenyo njengoba kuvulwe amacala okuzama ukubulala.


       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.