Pietermaritzburg - “UBruno ubesho ukufa naso isigebengu, udele impilo yakhe. Uyiqhawe," kusho iphoyisa ebelihamba nale nja uBianca Cantello.
UCantello, uchaze kabuhlungu ngokubulawa kukaphathina wakhe uBruno, obesenqobe izindondo ezingu-7 ngomsebenzi wakhe.
Ngokusho kwabezindaba zeWitness, le nja yohlobo lweGerman Shepherd, igwazwe yabulawa yisigilamkhuba ngesikhathi belekelela esehlakalweni.
UCantello uhambe noBruno beyosiza iphoyisa elimise imoto ebeliyisola ukuthi ithwele impahla yokwebiwa e-Ashburton.
Kuboshwe amadoda amathathu ngalesi sigameko kanti ababili basagcwele amathafa.
Isikhulu samaphoyisa eMgungundlovu, uBrigadier Francis Bantham uzwakalise ukukhathazeka ngokubulawa kukaBruno, wathi yinja yesithathu ukubulawa ezehlakalweni zakamuva endaweni
“Sibuhlungu ngokubulawa kukaBruno, uyinja yesithathu ebulewe. Sizoqala ukuqeqesha izinja ezintsha."
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).