'Kukhala ibhungezi emzini okwabulawa kuwona uSenzo'

2015-06-07 11:04

Johannesburg - Umphakathi waseVosloorus awukakhohlwa ngokubulawa kwesihlabani seBafana Bafana ne-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa.

Amalungu alo mphakathi asaba ngisho kudalulwe amagama awo uma kukhulunywa ngalolu daba ngenxa yokuthi ababulali abakatholakali.

Kuthiwa iningi labantu abahlala kulo mphakathi sebeqinise ezokuphepha, kodwa azikaze ziqiniswe emzini okwabulawelwa kuwona umufi.

“Kuthulekile laphayana,” kusho omunye umakhelwane. “Ababaningi abantu ababonakala bevakasha kulo muzi muva nje, ngisho nomama kaKelly imbala sagcina ukumbona ngemuva kancane kwesehlakalo,” kubika iDrum.

Funda nalolu daba: Kushone ababili imoto ishayisa isigxobo

Lo makhelwane utshele abeDrum ukuthi uNtombi, umama kaKelly Khumalo, wagcina ukubonakala ngemuva kwesehlakalo kuphela, ngemuva kwalokho akaphindange walubhada kulo muzi .

“Abantu bakholelwa wukuthi lo muzi wafakwa isiqalekile ngemuva kokushonela kuwona isihlabantu saseNingizimu Afrika.”

“Angisajwayele ukubona abantu khona, sekuhlala kuthulekile nje, ngisho noKelly usebonakala kancane.”

Khonamanjalo, okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uSolomon Makgale, uqinisekise umphakathi ngokuthi basamatasa ngalolu daba kanti futhi umphakathi bazowazisa uma sebenobufakazi obuqinile.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.