Cape Town – Kulimale abantu abayisithupha ngesikhathi izimoto ezimbili ziginqika
emgwaqweni onguthelawayeka ngaku-Jan Smuts eCape Town.
Ngokubika kweCape Times abosizo lokuqala bafike
endaweni yesigameko izimoto ezimbili okuhlanganisa encane neveni zimapeketwane,
kusho uokhulumela abakwa-ER24 uWerner Vermaak.
“Abantu abahlanu batholwe
beselaxazeke ezindaweni ezahlukene kanti kukholwakala ukuthi inging labo
belihleli esikhenkeni ngemuva evenini futhi bajikijeleke ngesikhathi
seliphenduka.
OLUNYE UDABA: Kulimale 26 kwehla ingozi eMtshezi
Abalimele baseminyakeni ephakathi kuka-16 no-25 ubudala kanti
bebelimele ngesindlela ezahlukene emizimbeni,” esho Uqhube wathi ababili
abebesemotweni encane nabo bathole ukulimala.
“Oyedwa obevaleleke ngaphakathi
emotweni kuphoqeleke ukuthi kusikwe ingaphezulu le moto ukuze akhulululwe,”
kusho uVermaak.
Abalimele baphuthunyiswe ezibhedlela iGroote Schuur naseNew Somerset kanti imbangela yale ngozi ibingakaziwa.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter