Kulimale ababili beshaywa umphezulu eNkandla

2015-01-17 10:06
Durban – Kulimale abantu ababili ngesikhathi umphezulu ushaya eceleni kwabo eNkandla KwaZulu Natal ngesikhathi kunesimo sezulu esibi ngokusho kwabezimo eziphuthumayo.

Okhulumela abezimo eziphuthumayo uRobert Mckenzie uthe laba baphuthunyiswe esibhedlela saseNkandla ngoLwesihlanu ngemuva kwalesi sigameko.

Uthe isimo sezulu ebesisibi kakhulu KwaZulu Natal sidale umonakalo ezindaweni ezahlukene kulesi sifundazwe.

“Ogwini oluseningizimu yesifundazwe imvula ibinetha ngamandla futhi kunesivunguvungu somoya.

Izandawo ezahlukene ezifulelwe ngotshani eMargate ziphephukile,” esho.

“Abosizo lokuqala balaphe abathathu abalimalile kule ndawo egudle ulwandle.”

OLUNYE UDABA: Umama nengane bashaywe umphezulu eNquthu

ECato Ridge bekunomoya obushaya ngamandla kanti eMgungundlovu kube nesichotho.  

UMckenzie uthe isichotho sidale umonakalo ezimotweni zabantu njengoba amaqhwa abemakhulu kuhle kwamabhola egalofu.

“Kuphinde kwawa nezihlahla njengoba esinye siwe savala umgwaqo uLangalibalele,” esho. 

ENkandla uthe coshe iyishumi imizi ebhidlikile.

“Ithimba likahulumeni kulindeleke ukuthi lihambele izindawo ezahlukene ezihlangabezane nomonakalo esifundazweni ukuze ifake usizo lapho ludingakala khona,’ ephetha.

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.