Kulindelwe isinqumo ngamalungu e-EFF amiswa

2014-12-23 07:05

Cape Town – Kulindeleke ukuthi iNkantolo ePhakeme yaseWestern Cape ikhiphe isinqumo mayelana nesijeziso samalungu e-Economic Freedom Fighters ePhalamende angu-20.

Lolu daba lwangena okokuqala kule nkantolo ngoLwesihlanu kodwa iJaji Dennis Davis yalalela izinhlangothi ezahlukene kuDumisa Ntsebeza we-EFF noWillei Duminy wePhalamende.

I-EFF ifuna le nkantolo iguqule isinqumo sekomidi lePowers and Priviledges sokuthola amalungu aleli qembu enecala lokwephula imithetho yasePhalamende ngosuku lapho uMengameli Jacob Zuma wabe ezophendula imibuzo kule ndlu yombuso.

OLUNYE UDABA: Kuzonqunywa ngelizayo ngabe-EFF abamiswa

Leli komidi lakhipha isinqumo sokumisa emsebenzini amalungu ayisithupha aleli qembu izinsuku ezingu-30 ngaphandle kokuholelwa, amanye angu-6 amiswa ezingu-14 ngaphandle komholo kwase kuthi amanye angu-8 anxuswa ukuba axolise ePhalamende noma abanjelwe umholo wezinsuku ezingu-14.

Ngomhlaka 21 la malungu ashawoda uMengameli Zuma esho kanye kanye ukuthi makabuyise imali eyastshenziswa kuthuthukiswa umuzi wakhe oseNkandla.

Kulindeleke ukuthi le nkantolo ikhiphe isinqumo sayo ngala malungu ngoLwesibili eCape Town.  

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.