Vatican City – UPhapha Francis ubhabhadise izingane ezincane ezingu-33
eSistine Chapel waphinde wakhuthaza omama ukuthi bazincelise ibele uma zikhala
noma zilambile.
“Ningomama balezi zingane kumele nizincelise ubisi lwebele uma
ziludinga.
Namanje uma zikhala khululekani nikhiphe amabele enu nizincelise
ningakhathazeki,” kusho uPhapha.
Isifundo sikaPhapha ngeSonto besinesihloko esithi “banikezeni ubisi”
kodwa uPhapha ngesikhathi eseshumayela ugxile obisini lwebele.
OLUNYE UDABA: UPhapha ugxeke ukunganakwa kwezaguga
Ngesikhathi kuqhubeka le nkanzo
obekubhabhadiswa khona izingane zamantombazane ezingu-20 nezabafana ezingu-13
uPhapha unxuse omama balezi zingane ukuba bakhumbule omama abahlwempu emhlabeni
jikelele abangakwazi ukuthengela izingane zabo ukudla abathembele kubisi
lwebele ukondla izingane zabo ezisencane.
Kubikwa ukuthi abanye bomama
babonakale sebezincelisa amabele izingane zabo ngesikhathi kuqhubeka le nkonzo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter