Kumele zihlonishwe izinqumo zikaMandela - AbaThembu

2015-01-17 07:53

Umthatha – Indlu yobuKhosi yabaThembu ithe kumele zihlonishwe izinqumo ezathathwa ngowayenguMengameli wokuqala wentando yeningi eNingizimu Afrika uNelson Mandela ngokubika kwezindaba ze-eNCA.

“Lolu udaba lomndeni ngakho sibone kufanele ukuthi zingaguqulwa izinqumo ezathathwa nguMandela,” inkosi Ngangomhlaba Matanzima onguSihlalo wabaHoli beNdabuka e-Eastern Cape.

“Kumele simhloniphe uMandela noma ngabe asihambisani nezinqumo zakhe, ngeke siziguqule.”

OLUNYE UDABA: Sichithiwe isicelo sikaMadikizela-Mandela

Lokhu kuqhamuke ngemuva komhlangano phakathi komndeni wakaMandela nabadala abamele indlu yobuKhosi yabaThembu owabizwa ngumzukulu kaMandela uMandla.

Lo mhlangano ububanjelwe emzini kaMandela eQunu e-Eastern Cape.

NgoLwesibili owayengunkosikazi kaMandela uWinnie Madikizela Mandela wazama ukumisa lo mhlangano ngoba esabela ukuthi kuzoqubuka ingxabano kodwa isicelo sakhe sachithwa yinkantolo.

    - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

       - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.