Kumhambela kahle uDJ Ganyani kwezomculo

2015-01-16 16:00
Johannesburg - Ulokhu eqhubeke njalo ngomfutho uDJ wasemakilabhini uFredericks Tshabalala odume ngelikaDJ Ganyani.

UGanyani ungomunye wophrojusa abahamba phambili kuleli kanti futhi akagcini ngokuba u-DJ uphinde abe ngusomabhizinisi.

UGanyani nguye umeluleki wabanye oDJ bodumo abafana noMbuso, Clock nosewadlula emhlabeni uKhabzela.

Emnyakeni embalwa eyedlule uMatser G okungelinye lamagama aziwa ngawo nguye owethula esinye sezihlabani esisafufusa uFiesta Black ngeculo iXigubu.

"Sengibe kule mboni yezomculo iminyaka eminingi manje kanti sengikhulile kuyo futhi umculo sengiwuqonda kancono," kusho uGanyani.

OLUNYE UDABA: Usuka kude uDJ osezakhele udumo

NgoMsombuluko uzobe egubha usuku lwakhe lokuzalwa eVaal Monate Cafe e-Evaton, kubika abeDaily Sun.

Abaculi abazobe benandisa kubalwa iRevolution, u-OkMalumKoolKat, uThebe, uMdu, i-Infinite Boys noBlack Motion.

Umnikazi wekilabhu iVaal Monate uJomo Totetsi uthe: "Kuyangijabulisa ukuthi uGanyani uzolugubhela eVaal usuku lwakhe lokuzalwa kanti futhi unabalandeli abaningi khona."

 


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
                               

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.