Kungani ngingazilolongi neqembu - Unozinti

2015-01-14 12:30

Johannesbburg – Unozinti weMamelodi Sundowns uWayne Sandilands uphumele obala wacacisa ukuthi kungani engekho enkambini yokuzilolonga yeqembu eMpumalanga.

USandilands kusanda kuvela ukuthi akaneme kuleli qembu njengoba ezimisele ngokulishiya ngenxa yokungalinuki ijezi.

Engxoxweni abe nayo nayo neKickOff uSandilands ukucacisile ukuthi kungani engahamba neqembu ukuya eNelspruit.

“Ngaphambi kokuthi iqembu lihambe liye eNelspruit ngaba nemihlangano eyahlukene nalo,” echaza.

OLUNYE UDABA: Ufuna ukushiya unozinti ongasalinuki ijezi

“Komunye wemihlangano engabanawo isikhulu esiphezulu eqenjini sangitshela ukuthi ngingahambi neqembu uma seliya enkanjini eMpumalanga.

"Ukucacisa nje ukungahambi kwami neqembu akuchazi ukuthi ngidubile kodwa ngilandela umyalelo weqembu,” esho. 

Lo nozinti oneminyaka engu-31 ubudala usanenkontileka neSundowns kanti useke waphumela obala ngokuthi ufuna ukulishiya leli qembu kumphathi wezindaba zakhe uGlyn Binkin.

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

     - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.