Kunyamalale indiza ebilayishe abantu abangu-162

2014-12-28 10:59

Jakarta - Kuduke ibhanoyi lakwa-AirAsia ebelilayishe abantu abangu-162 ngeSonto ngemuva kokuba umshayeli walo ecele ukushintsha umzila ngenxa yesimo sezulu ebesingesihle phakathi kwase-Indonasia naseSingapore ngokusho kweziphathimandla zase-Indonasia.

Kubikwa ukuthi le ndiza yase-Indonasia AirAsia Flight OZ 8501 ilahlekwe wukukuxhumana nabezokuxhumana emoyeni ngezikhathi zabo-06:17 ekuseni ngeSonto.

"Leli bhanoyi belihamba kahle emzileni obekulindeleke ukuthi lihambe ngawo. Umshayeli walo ube eseceli ukushintsha umzila ngenxa yesimo sezulu esingesihle kahle.

OLUNYE UDABA: Kunyamalale indiza eCameroon

Ngemuva kwesikhashana umshayeli walo enze lesi sicelo kube sekulahleka ukuxhumana kule ndiza nalabo abahlela ukuhamba kwamabhanoyi e-Indonasia," kusho inkampani yaleli bhanoyi ngesitatimende.

Kubikwa ukuthi asikho isexwayiso sobungozi umshayeli waleli bhanoyi asibikile.

Ngokombiko sekuqale uphenyo lokuthungatha leli bhanoyi ebelayishe abantu abantu157 base-Indonasia, abathathu baseSouth Korea, oyedwa waseSingapore nomunye waseMalaysia.

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

       - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.