Tokyo – Indoda yaseJapana, 88, eyalahlwa yicala lokudlisa ushevu abesifazane abayisihlanu ngoba isikhathele ukuba yisoka, inqatshelwe ukudlulisa isinqumo.UMasaru Okunishi wagwetshwa isigwebo sentambo ngo-1972 kanti kumanje usalinde ukulengiswa.Lona wesilisa wafaka umuthi wokubulala izinambuzane ewayinini kunephathi.OLUNYE UDABA: Uyavela ophuzise umndeni ushevuLo mlimi waqale watshela amaphoyisa ukuthi wafakela unkosikazi wakhe neshende lakhe kuphela ushevu, ngoba esekhathele “ukuba yisoka”.Kwabe sekushona nabanye besifazane abathathu, kwathi inqwaba yagula.Kwathi ngokuhamba kwesikhathi, u-Okunishi washaya ingwiji wathi amaphoyisa amphoqa ukuba avume icala.IJaji eNkantolo eNkulu yaseNagoya, uNobuyuki Kiguchi, unqabile ukuthi liqalwe phansi liqulwe icala lika-Okunishi. - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho - Landela IzindabaNews24 kuTwitter