Johannesburg – Kuphinde kwamiswa isikhulu esiphezulu kwaSouth
African Revenue Srevices uPeter Richer ngokusho kombiko.
Ngokusho kwesitatmende
esikhishwe ngabakwaSars uRicher obeyisikhulu ngaphansi kophiko iStrategic
Plannning and Risk umiswe ngoLwesibili.
Kuzokhumbuleka ukuthi uRicher neSekela
likaKhomishana wakwaSars u-Ivan Pillay bamiswa okokuqala ngomhlaka 5 kuDisemba
ngemuva kwezinsolo zokungaziphathi kahle.
Ngomhlaka 17 kuDisemba uRicher noSars
bavumelana ukuxazulula udaba lwabo ngaphandle kwenkantolo ukuze anikezwe
isikhathi esanele sokuchaza ukuthi kungani kumele angamiswa emsebenzini.
OLUNYE UDABA: Abakwa-Sars sebehoxise ukumiswa kwesikhulu
NgoLwesithathu isitatimende esikhishwe uSars sithe:
“USars uwutholile umbiko
kaMnu Richer kodwa nakuba kunjalo ubona kufanele ukuthi amiswe emsebenzini,”
kusho isitatimende.
Ngakolunye uhlangothi uPillay waqhubeka nodaba lwakhe
enkantolo njengoba yanquma ukuthi makabuyiselwe emsebenzini wakhe.
Inkantolo
yathola ukuthi uSars awenzanga ngendlela efanele ngasikhathi umisa uPillay.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter