Kuqhume iqupha emathuneni ngenxa yesidumbu

2015-08-24 17:32

Polokwane - Kudingeke kubizwe amaphoyisa azokulamula emngcwabeni izolo ngeSonto ngesikhathi amalungu omndeni ehluthulana ngequpha.

Abakubo kaWilson Sono, u-anti kanye nomzala bebemi phambi kwesango lasemathuneni aseMakweng eZebediela, eLimpopo bengafuni imoto yezidumbu ingene.

Laba bebefuna isidumbu sikaWilson siqale sidlule ekhaya ngaphambi kokuba siyofihlwa.

Kodwa udadewabo kaWilson, uRosie Tebele,63, obekunguyena obehlela umngcwabo ubengafuni isidumbu siqale ekhaya.

Funda nalolu daba: Izigebengu zibaleke nebhokisi lemali elingenalutho

Kumangale umphakathi amalungu omndeni eselwa kwaze kwalamula kuqala abantu abadala basendaweni, abacele izihlobo ukuba zihloniphe ongaekho.

Kubizwe amaphoyisa, kodwa afike umngcwabo ubusuqalile.

Isihlobo somndeni ebesidiniwe, uShadi, sitshele iDaily Sun ukuthi: “URosie ubehlala eLimpopo kodwa kuthe usefile umfowathu, wafika wazokweba isidumbu sakhe kanye nempahla yasendlini.”

“Udadewethu lokhu ukwenza ngoba uyiskhothane futhi uthanda ukubukisa ngemali.

Kodwa uRosie uthe uShadi ubengenayo imali yokungcwaba umufi.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.