Johannesburg – Kuboshwe abantu abangu-12 eDobsonville eSoweto
ngemuva kokudutshulwa kubulawe ibhungu ngokusho
kwamaphoyisa aseGauteng.
ULieutenant Kay Makhubela uthe owesilisa ongowokufika
eNingizimu Afrika wadubula wabulala ibungu wabe eselimaza iqulu labafana
ababezama ukubamba inkunzi esitolo sakhe ngoMsombuluko ntambama.
Leli bhungu kubikwa ukuthi lishonele endaweni
yesigamekokwathi abalimele baphuthunyiswa esibhedlela.
“Lo mlisa wokufika ongumnikazi
wesitolo ube eseboshwa ngamaphoyisa ngecala lokubulala nokuzama ukubulala.
Uphinde watholwa nesibhamu esingekho emthethweni,”esho.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe abagqekeze esitolo
Lesi sigameko esiqubule
udlale endaweni nokuholele ekutheni abantu bagasele ezitolo eziphethwe
ngabokufika bazitapele.
UMakhubela uthe kuboshwe abantu abayisikhombisa
ngamacala okudala uthuthuva emphakathini.
“Ngesikhathi amaphoyisa esazama
ukuhlenga isimo abaphoyise athole ukuthi kunabanye bokufika abadubula abantu.
Sibe sesibopha abanye bokufika abane nabo abatholwe nezibhamu ezingekho
emthethweni.”
Uthe zine izibhamu
ezingekho emthethweni abazitholile.
Uphethe ngokuthi bonke ababoshiwe
kulindeleke ukuba bavele enkantolo yeMantshi yaseProtea maduze.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter