Kusatshelwa ubuthakathi ngomlenze onyamalele

2015-03-19 12:24

Manzini – Amaphoyisa aseSwazini athungatha umlenze wendoda eshayiswe yimoto kahulumeni yashona, ngokusho kombiko okhishwe ngabakwaSidlodlo.

Le ndoda eshayiswe yimoto ngeSonto, ngoLwesithathu amaphoyisa abesafuna umlenze wayo njengoba kusabalale izinsolo zokuthi webiwe umthakathi noma abasebenzisana nabathakathi ukuze usetshenziselwe umuthi.

Kubikwa ukuthi uVusi Thani oneminyaka engu-43 ubudala washayiswa yimoto yehhovisi likaNgqongqoshe wezeMpilo emgwaqeni onguthelawayeka u-MR5 eCroydon enyakatho yempumalanga yaseManzini.

OLUNYE UDABA: Uvunyelwe ukugoduka nomlenze anqunywa wona

Ngesikhathi eshayiswa yile moto okubikwa ukuthi yayidla amagalane kubikwa ukuthi umlenze kaThani washumpuka wayosakazeka buqamama nomzimba wakhe.

Amakhambi axutshwe nezitho zomzimba womuntu awavumelekile eSwazini.

Elinye ilungu lomphakathi elingathandanga ukudalulwa lithe: “Uma kuqhubeka kuhamba isikhathi umlenze ungatholakali ngeke uphinde utholakale ngoba kuyacaca ukuthi kukhona abawuthathile abafuna ukwenza ukukhohlakala ngawo,” esho.

Uqhube wathi kuningi ukukhohlakala okwenziwa ngezitho zemizimba yabantu eSwazini.

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

           - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.