Penwell –
Kushone abantu abayishumi ngoLwesithathu ngesikhathi ibhasi ebelithwele
iziboshwa lilala amankiyane emgwaqeni obushelela ngenxa yesithwathwa eTaxas,
eMelika, kusho amaphoyisa.
Umgwaqo
ubushelela kungahambeki kahle ekuseni ngoLwesithathu ngesikhathi ibhasi
loMnyango wezobulungiswa eTaxas lishelela, labe seliphuma emgwaqeni ngase-Odessa,
ngokusho kwesikhulu samaphoyisa uMark Donaldson.
UMnyango uthe kushone iziboshwa ezingu-8 kanye nonogada ababili
kulesi sehlakalo.
Funda nalolu daba: Udilikajele kowabulala abesifazane abangu-22.
UDonaldson
uthe kulimale abantu abahlanu nabaphuthunyiswe esibhedlela.
Okhulumela
iMedical Centre Hospital e-Odessa ubengakabinayo imininingwane ngesimo salabo
abalimele.
Okhulumela uMnyango uJason Clark uthe ibhasi belithwele iziboshwa
ezingu-12 kanye nonogada abathathu liya ejele laseSanchez e-El Paso.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).