Paris – Kushone abantu abalinganiselwa kwabayishumi esehlakalweni sokudubula esenzeke emahhovisi aseParis, eCharlie Hebdo.
Leli bhilidi lingelephephandaba kanti lake laqhunyiswa ngebhomu ngo-2011 ngemuva kokushicilelwa kwesithombe esihlekisa ngomholi wamaSulumane, kubika isiteshi sikamabonakude eFrance, iTELE.
Okwamanje asikaqinisekiswa isibalo sabashonile.
Abezindaba bacaphune ozibonele othe ubone konke obekwenzeka ngesikhathi yena ekwelinye ibhilidi eliseduzane khona enhlokodolobha yaseFrance.
Funda nalolu daba: Kuzophazamiseka isikhathi somhlaba.
“Esikhathini esiyimizuzu engo-30 eyedlule abalisa bangene ebhilidini bephethe izibhamu,” kusho uBenoit Bringer etshela isiteshi sezindaba kumabonakude.
“Ngemuva kwesikhashana kube sekuzwakala ukuqhuma kwesibhamu,” usho kanje.
Uqhube wathi abalisa babonakale sebephuma bebaleka ngokuhamba kwesikhathi.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).