Kushone 6 kweyeloli nezimoto

2015-01-06 09:32

Jophannesburg - Kushone abantu abayisithupha engozini ehlanganisa iloli nezimoto ezimbili ezincane ku-N17 ngaseDelmas, eMpumalanga, ngoLwesibili, kusho abosizo lokuqala.

"Abosizo lokuqala bafike endaweni yesehlakalo bathola izidumbu zisaphazeke emgwaqeni,” kusho okhulumela abakwa-ER24 uWerner Vermaak.

"Enye yezimoto ihlakazeke yaphela kanti abagibeli abebephakathi ibachithele ngaphandle.”  

Abantu abathathu abebekuleyo moto bashonele khona lapho.

Funda nalolu daba: Obehlome ngamapayipi uhlasele kwiGautrain.

Kwenye imoto, owesifazane, ushonile ngemuva kokuvaleleka kuyona.

Abanye ababili abebekuleyo moto, okukholakala ukuthi umyeni kamufi nendodana yabo, batholakale eduzane nemoto, kusho uVermaak.

"Bonke besebeshonile. Kudingeke kusetshenziswe izindlawu ukukhipha owesifazane emotweni.”

Umshayeli weloli utholakale engalimele kodwa ethukile, kusho uVermaak.

Imbangela yengozi ayikaziwa.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.