Kushone abathathu, izinkulungwane zasala dengwane

2015-01-13 18:31

Maputo – Kushone abantu abathathu kwathi abayizinkulungwane basala dengwane ngemuva kwezikhukhula eMozambique, ngokusho kukahulumeni.

Babalelwa ku-100 000 abantu abathikamezekile ngalezi zikhukhula ezihlasele enyakatho naleli lizwe eliseningizimu ne-Afrika kusukela ngempelasonto.

Abantu abathathu bashonile ngemuva kokumbozwa yilezi zikhukhula eGurue naseCuamba ngoMsombuluko.

Kubikwa ukuthi umfula iLicungo ugcwele kakhulu njengoba ubukapakela nasonqanqameni nalapho kwakhe khona abantu.

OLUNYE UDABA: Sebengu-72 ababulawe utshwala eMozambique

Zibalelwa ku-18 izingane ezinyamalele njengoba zisathungathwa.

Iziphathi zaseMozambique zikhiphe isexwayiso njengoba ziveze ukuthi izimvula zisazoqhubeka ukuna kuleli lizwe.

Nakuba iziphathimandla sezinxusa abantu ukuba babaleke kule ndawo kodwa amanye amalungu omphakathi ayagoloza ukuthutha kule ndawo yaseMocuba okuyiyona ehlaselwe kakhulu yilezi zikhukhula njengoba bengafuni ukushiya imizi yabo.


      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

       - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.