Kushone intombazane ngemuva kokushokhwa ugesi

2014-12-30 09:03

Cape Town – Kushone intombazane eneminyaka engu-14 ubudala ngemuva kokubanjwa ugesi eKhayelitsha emkhukhwini yaseTR eKapa. 

Ngokubika kweCape  Argus u-Amahle Masala obenza ibanga lesishiyagalolunye esikoleni samabanga aphakeme eNtlanganiso ushone ngemuva kokuba ebambe ucingo lokuneka izimpahla obeluxhunywe emkhukhiwini wakubo owakhiwe ngothayela.

Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeke ngoMgqibelo ekuseni.

Ozibonele uLungile Jungwana uthe bebehleli bencokola no-Amahle wabe eseyasukuba wabambelela kulo cingo.

OLUNYE UDABA: Kushone indoda ishokhwa ugesi e-PMB

“Ngemuva kwalokho ngimubone eqhaqhazela into engapheli ehayiza ecela usizo,” kusho uJungwana enanela ngokuthi baphoqeleke ukuba balunqamule ucingo ngoba belungasadedelekile ku-Amahle.

Amalungu omphakathi asola inkampani kagesi u-Eskom ngokungazifaki ngendlela izintambo kule ndawo njengoba kungaqali ukuthi kube nesigameko esifana nalesi kule ndawo. 

Okhulumela inkampani yakwa-Eskom u-Andrew Etzinger usiqinisekisile lesi sigameko wazwakalisa ukudumala ngokwehlele u-Amahle.

“Asazi kwenzeke kanjani ukuthi ulayini wokuneka izinguba ube nogesi kodwa sizoluphenya lolu daba,” esho.

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.