Johannesburg - Owesilisa ushone kabuhlungu ngemuva kokuba epitshizwe yiveni ebelibhajwe odakeni epulazini laseKameelfontein ePitoli ngokusho kwabosizo lokuqala. Okhulumela abakwa-ER24 uRussel Meiring uthe lo mlisa ubesiza kutakulwe leli veni odakeni ngesikhathi lishelelela ligibela phezu kwakhe lampitshiza ngaphansi kodaka. OLUNYE UDABA: Amaphoyisa azama ukuhlonza isidumbuUthe ngesikhathi abosizo lokuqala befika kule ndawo yesigamek bafice lo mlisa obeneminyaka ekuma-30 ubudala ecindezelekile ngaphansi. Uqhube wathi bekungasekho okuningi abosizo lokuqala abebesengakwenza ngenxa yokuthi ubelimele kakhulu futhi eseshonile. Iziphathimandla besezifikile endaweni yesigameko kanti uphenyo luyaqhubeka ngeminye iminingwane ngokushona kwakhe. - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho - Landela IzindabaNews24 kuTwitter
Johannesburg - Owesilisa ushone kabuhlungu ngemuva kokuba epitshizwe yiveni ebelibhajwe odakeni epulazini laseKameelfontein ePitoli ngokusho kwabosizo lokuqala. Okhulumela abakwa-ER24 uRussel Meiring uthe lo mlisa ubesiza kutakulwe leli veni odakeni ngesikhathi lishelelela ligibela phezu kwakhe lampitshiza ngaphansi kodaka. OLUNYE UDABA: Amaphoyisa azama ukuhlonza isidumbuUthe ngesikhathi abosizo lokuqala befika kule ndawo yesigamek bafice lo mlisa obeneminyaka ekuma-30 ubudala ecindezelekile ngaphansi. Uqhube wathi bekungasekho okuningi abosizo lokuqala abebesengakwenza ngenxa yokuthi ubelimele kakhulu futhi eseshonile. Iziphathimandla besezifikile endaweni yesigameko kanti uphenyo luyaqhubeka ngeminye iminingwane ngokushona kwakhe. - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho