Kuthiwa abamfuni 'abasekhweni' uKhune

2015-08-23 11:34

Durban - Kubukeka sengathi ngeke ilunge eyokuthandana kuka-Itumeleng Khune noSbahle Mpisane njengoba kubikwa ukuthi abazali bakaSbahle abayingeni eyalobu budlwelwano.

ISunday Sun isihoshe ezithi lo nozinti weBafana Bafana neKaizer Chiefs akafunwa ngabazali bakaSbahle - okuyiziqumama zaseThekwini uShauwn noSbu Mpisane.

Kuthiwa abakwaMpisane sebeke bamphoxa kaningi uKhune bemtshela ukuthi akahlukane nendodakazi yabo.

OLUNYE UDABA: Thola ukuthi kungani uKhune 'engasapheli eThekwini'

"Lokhu kungenxa yokuthi lezi zithandani zithatha uMinnie Dlamini njengenye yamadodakazi azo," kusho umthombo.

Kuthiwa futhi into ecika kakhulu abazali bakaSbahle ukuthi indodakazi yabo yayisondelene kakhulu noMinnie, nangesikhathi uMinnie enezinkinga noKhune babekhona.

Ethintwa uSbahle uthe: "Ayingithinti mina le ndaba, shayelani umama wami ucingo."

UKhune unqabile ukuphawula ngalolu daba, kanti ucingo lukaShauwn belukhala lungabanjwa kwaze kwafika isikhathi sokushicilela.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
2 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.