Kuthiwa unamanga othi wabelethisa umama etekisini

2014-12-18 16:01
Durban - Izincomo ezaya kowesifazane waseVryheid, owathi wabelethisa owayekhulelwe etekisini eyayisuka eGoli, zaba ngezeze leze njengoba sekuvele ukuthi wayehubhuza olukabhejane.

Umshayeli wetekisi uSibongiseni Mtshali usekhethe ukukhuluma, akuphikise okushiwo uZonke Ntuli athi kwenzeka ngesikhathi kuteta uMakhosi Ntshangase .

UNtuli wathi nguye owabelethisa uNtshangase waze wasika nenkaba ngebhodlela, wathola izincomo ezazivela kuNgqongqoshe wezeMpilo uSibongiseni Dhlomo.

NgoLwesithathu uMtshali uthe uNtuli akenzanga lutho ngesikhathi kubeletha uNtshangase, ngaphandle kokuthatha izithombe evale nekhala lakhe ethi: "kuyanuka la."

"Ababelethisa uNtshangase ngowesifazane osekhulule nosemncane owayehlezi eceleni kwakhe," kusho uMantshinga.

OLUNYE UDABA: Owesifazane ubelethiswe umgibeli etekinisi

Yize kunjalo ngesikhathi kuxhunyanwa noNtuli ngoLwesithathu, usho into eyodwa.

"Ngiphoxekile kanti kusho ukuthini ukusiza umuntu eNingizimu Afrika? Namanje ngisasho ukuthi yimi owabelethisa owesifazane," kusho uNtuli.

UNtshangase utshele abephephandaba iSolezwe ukuthi uyavumelana nokushiwo umshayeli kodwa yebo uNtuli wamnika ingubo yokumbathisa ingane, kubika iThe Mercury.

Akatholakalanga ephawula owesifazane okuthiwa nguye owabelethisa uNtshangase.

Okhulumela abezeMpilo KwaZulu-Natala u-Agiza Hlongwane uthe ngokwazi kwakhe uNtuli owabelethisa uNtshangase waze wasika nenkaba.




 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.