Kutholakale isidumbu sosana kuplastiki eKapa

2015-07-27 13:35

Cape Town – Amaphoyisa athungatha unina wosana obelusanda kuzalwa olutholwe lusongwe ngo-plastiki eHeideveld eKapa ngokusho kwamaphoyisa aseWestern Cape.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Ian Bennett uthe umuntu obezihambela ngezinyawo uhlangabezane nalo plastiki walolu sana ngoMgqibelo ntambama eduze kwasesikoleni samabanga aphakeme iHeideveld emgwaqweni uDuinefontein.

“Isidumbu salolu sana sithathwe sayiswa emakhazeni aseSalt River ukuze sihlolwe kutholakale nempangela yokufa,” esho.

OLUNYE UDABA:Badutshulwe ngezenjoloba ababhikishi e-PE

“Kuvulwe idokodoukuze amaphoyisa aphenye njengoba sisalinde imiphumela yokuhlonzwa kwesidumbu.”

UBennett uthe lolu sana belingagqokile ngesikhathi lutholwa kanti nenkaba yalo ibiphakathi kulo plastiki.

Oyinhloko wezeNhlalakahle zezingane eKapa uNiresh Ramklass uthe lesi sigameko esihlasimulisa umzimba simbi kakhulu kanti sikhombisa ukungabi nanhliziyo komuntu olaxaze lolu sana.

Kunxuswa noma ngubani ongaba nolwazi lukanina walolu sana ashayele amaphoyisa aseManenberg kule nombolo yocingo 021 699 9400.

        - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

           - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.