Johannesburg - Usana ekukholakala ukuthi lunezinyanga ezimbili noma ezintathu lwazalwa, lutholakale epayipini lesitamukoko ngasemikhukhwini yaseThabong, eWelkom, kusho amaphoyisa aseFree State.
Isisebenzi sikamasipala sithole isidumbu ngesikhathi siyolungisa ipayipi ebelibhajiwe lingasebenzi, ingane itholakale ngezithuba zawo-11: emini, kusho okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Malebo Khosana.
Ingane ingenye yezinto ebezidala ukuthi ipayipi lingasebenzi, amaphoyisa avule icala lokufihla ingane.
Akukaboshwa muntu okwamanje.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).